Gah's Saloon NND

Gah's Saloon NND Angsekho kwi container sengitholakala ezimakethe opposite no buildrite, enumber 140 Watsapp 0606526833

R150 dread retwist
26/08/2025

R150 dread retwist

R200 DREAD START
26/08/2025

R200 DREAD START

26/08/2025

It's all started here

R200 DREAD LOCKS ENUMBER 140 OPPOSITE BUILDRITE
26/08/2025

R200 DREAD LOCKS ENUMBER 140 OPPOSITE BUILDRITE

It's wat I do  best 🙌🙌
26/08/2025

It's wat I do best 🙌🙌

16/04/2024

Impela Umama Wengane Inunu Engafi😏😏

Ngivakashe kulomuzi engiqome kuwo kusekuseni syavuka. uBabe wavuka wahamba noBaba wakhe baya emaplazini beyohlola izinkomo. Kanti ubbe uzokhohlwa ifoni yakhe.

kuthe sekusemini nje ngabo 1 wangfonela ngefoni kaDaddy wathi ucela ngiyokwetha imoto ngenze iFull tank coz uPetrol uyakhuphuka ngaksasa.

Ay yimi loyana ngithatha iCard lakhe ngithathe ukhiye ngishaye izule kwazise ekhaya kubo kusondele naseTown (Pongola) ngihambe ngfike ngethe ngiqede ngibese ngiziyela eClicks ngithenge amaPain killer nginokuhlushwa ikhanda.

ngithe ngisamile kuLine wokuyokhokha aybo mangithi nhla kwiParking ngibona usisi nje uloku udraya eduze kwemoto kaBae ay ngizitshele ukuthi ay kobe umuntu amaziyo nginganaki..

ngikhokhe bese ngyaphuma losisi ume nomunye usisi bayangibuka ngivele ngibabingelele phela nakhu bengibuka abantu ngingene emotweni ngihambee ngibabone kodwa ukuthi laba bakhuluma ngam nomakanjani.

Ngihambe mina ngibuyele endlini bese ngifonela uDaddy ibanjwe nguBae ngimutshele ukuthi sengbuyile ebese eyabonga. Ngithe ngivala ucingo kbese kuringa ifoni kaBae ay ngiyizibe ikhale ize ithule.

aybo iloku iringe njaalo ifoni ngibese ngiyabuka ukuthi kufona bani eh uMama wengane lofonayo ngiyiyeke ize ithule.. iringe bafaz ifoni ngize nginyanye bese ngiyayAnswer ngingasho nix ngiyiAnse ngiyeke kanjalo...

Kuhambe iskhathi ngizwa nje izigi emnyango endlini kaBae ay ngisukume ngikhiye ngibese ngima emunyango iphinde iringe ifoni ngisho ngenhliziyo ukuthi yabona namuhla ngizoshiswa ngamafutha😭😭💔

aybo ithe isaringa nje ifoni ngizwe ngeKnock we Nathi awvule lomnyango ngyazi ukuth ukhona ngoba ngyakfonela ifoni awuyibambi ngani ngoba ngyayizwa iyaringa.. Nathi awvule la😲

Ngivele ngihlehle kancane ngiyohlala embhedeni vele sekungicacele ukuthi lo ola emnyango nguMama wengane.. eloku efone njalo njee usisi ngithule duuu iyaringa ifoni. Ngimuzwe ukuthi usediniwe bese ngenhliziyo ngithi uyaphi lona engabizwanga vele 🤔🤔

Aphinde afone nami senginyanyile ngivele ngiyiAnse futhi bese ngiyayeka🙄🙄 sengigade ukuthi nje ngimuzwe uzothini phela lomuntu ula emnyango.. akhulume athethe bese ngiyayDropa 🙄😣😣 adinwe kakhulu akokode ngokudlova emnyango ngithule .

mameshana kubese kufika uSathane kuRinge eyami ifoni and kufona uBae ngefon kaDaddy shuthi usisi ezwe ukuthi leRingtone seyihlukile ngibese ngiyiAnswer kahle ngithi yebo sthandwa sami angiqedanga nokukhuluma usisi usephusha umnyango uthi "oooh uneyfebe zakho la yiko ungavuli.. "

ngitshele uBae ngithi ay awbuye ufone ngathi ngibhekana nenkinga la ngiyvale.. ay uBae usexakekile umangazwa amazwi ami nayeke usefona akaqedi ngingayAnsi ngivele ngizinike isibindi ngvule emnyango, ngingaveli ngfuna azingenele usisi.

wathi nje makangena ngakhiya ngokushesha.. waqalaza endlini wabona ngingedwa akunaBaba wengane la ngingedwa.. athi sawbona sisi ufunani la? ngimuphendule kahle ngithi ngivakashele uNathi.

ethi so ujwayele ukuza lana? ngithi mina yeah ngijwayele kunenkinga yini? athi cha sisi phela uNathi uBaba wengane yami wakutshela yini ukuthi khona mina? .. ngaphendula kahle ngathi wangitshela ukuthi unengane wena angikwazi ngyqala nje ukukubona.

Ehleke kancane ethi pho unesibindi sokuthi uDrive imoto yendoda yami uhambe lawthanda khona.. ngihleke kancane ngithi mufonele phela umtshele ukuthi ngithathe imoto yakhe..😁😁 adinwe esondele kim ethi ufuna ukungishaya ngisukume ngimphose lee embhedeni .

ngithathe ukhiye wemoto fast engaboni kanye nefoni kaBae ngisukume ngithi manje sisi ufuna ukungishaya vele?? Avuke ethi yeah isifebe ngiyasqondisa mina🙄 afonele abakhozi bakhe ethi abeze la uthe esafona ngavele ngaphuthuma emunyango ngabaleka ngamkhiyela phakathi..

Wavele wakwata okokugcina yebantu wangisho wena sfebe vula laa..😲😲 ngabaleka ngaya emotweni ngaydumisa ngahamba angzazi nokuthi ngiyaphi... lapho nami sengikwatile vele ngahaamba ngaze ngafika eTown ngafike ngapaka eGarage ,iykhathi lapho sekungo 5 ntambama..

Ngicabange ukuthi ngzokwenzani🤔 wafona uSisi efonela uBae akaz phela ukuthi ifoni ikimi, ngiyiAnse ngkhulume naye ngithi "wena yekela ukubanga isicefe efonini yendoda yami".. yemama wavele wangisho ngenhlamba esekwatiswe nawukuthi ifoni ikimi wangithuka ngayvala..

kanti noBae uzofona ethi Babe kwenzenjani manje ngakhuluma nawe wavala ifoni ? uthi kwenzakalan ngamtshela ukuthi ngcela mabafika eTown noDaddy eze eGarage eCaltex athi baby kwenzenjani ngithi mina ay ngzokuchazela mawfika...

ay nebala befike benoDaddy bese uDaddy ehamba yedwa yena esale nami eGarage. Angene emotweni ngimchazele kwenzekeni yeeerr anyanye athathe ifoni afonele uMama wengane athi weMakhosi , ngizoyeka ukondla lengane yakho mina mawzonginyanyisa asho lawomagama kphela avale ifoni..

ayboo afone futhi uMakhosi ,afone aze abe yiscefe ay athi uBabe mina ngikhathele , shayela imoto siyendlini usethukuthele ugane unwabu... ay ngenze njalo ngidriver size sifike ke endlini..

mina nginikeze uBae isikhiya sasendlini sengyasaba ukwehla emotweni noBabezala sekakhona😭😭izothiwan lento impi emzini wabantu.. ethi udali yehla sambe .. sihambe evule emnyango yehheni bafazi uSisi usebulale iLaptop wayishaya phansi wahliphiza endlini nkosyami ngiClean kamnandi kangaka..

Sithe sisababaza lokho usisi apepeze😲😲 wena Nathi ungenza isilima. uNathi avele angakhulumi kakhulu athi Makhosi phuma ngyokhuluma nawe emotweni bephume behambe laphoke mina sengisala ngyaqoqa silima senkosi ngiqoqa endlini..

akphelanga ngisho u5min nangu uNathi engena endlini uyakhiya. Emqondwen wam ngithi shuthi umxoshile. Ngvele ngingabuzi lutho asondele kimi azongiHug exolise exolise ngivele ngimxolele coz vele umawengane akabizwanga nguye uzizele ngiUnderstandeyazini😏.

ay angincedise siqoqe kuberyt.. ay kuberyt nje endlini engathi akwenzekanga lutho sizincokolele kubemnandi kushaye u7 sigeze maqede ayongilandela ukudla sidle...

Siqhubeke sincokole aybo kuthe ngo9 ebusuku wafona futhi uSisi 😣😣 aybo ngidinwe ngife nami lapho ngigade uNathi ukuthi uzoyiphendula yini ay avele ayivale (switch off) . Sincokole size silale.

Kuse Ekuseni ke masivuka around 7 kanje sizwa ingane emnyango iyakokoda Baba🗣🗣Baba🗣

Aybo sbukane emehlweni asukume udali ayovula emnyango. Ingene ingane aybuze uhamba nobani isho ithi uMama ungishiyile wathi angibize ubaba angvulele.. hau ngivele ngiciphize iynyembezi yey ngasho ngathi yaa isilingo ke lesi..

Udali evale emnyango eze nengane embhedeni bese ngithi mina ay Baba kaSyamthanda ngiyahamba namuhla ngeke ngikwazi ukubhekana nalento... athi ay sizoyilungisa ungahambi. Abese ecela iSpace ethi sala nengane ngyabuya athathe ifoni aphume phandle ay ke ngsale nengane mina loku ngiyincokolisa ngiyitshele ukuthi yinhle ihleke ijabule ithi nawe umuhle.

Ngiyinike ifoni ngithi aydlale iGame ngiysuse embhedeni vele ngiyandlula manje ihlale kuCampchair ngilungise ngiqede ngiqoqe kuberyt.. abuye uBabe asthole sidlalisana nengane ngimbone ukuthi uyakujabulela loko😘😘...

ngithi ngcela amanzi okugeza ngase ngithi makaphume ngeke ngigeze phamb kwakhe kunengane yena makahambe ayogezela endlini enkulu ngigeze.. ethi ucela ngimgezele nengane .

okay ngiygeze ingane nami ngigeze ngicinge lezimpahla bese ngiyaygqokisa ekhanda inezinwele ezinkulu ngthathe iGel ngiyenze uphondo oluhle. Afike uBae asthole sesibahle kuvele kugcwale injabulo kuye😋😋... athi siyahamba ngithi mina siyaph athi siya eTown ay ngithi mina okay.

Sihambe ngihlale ngemuva nengane sow2 isiloku iBusy ke neGame efonini yami.. sifike eTown sithenge oIcecream Sihambe sibheke engathi siya ekuphumen kwedolobha kunendawo enhle nje esaParknyana nezihlahla zokuphola ezinhle.

Athi nje ebefuna sishaywe umoya ay ingane ayizingeni iyatshakadula iHappy aphinde aqale phansi axolise axolise bafaazi sithathe iythombe sow3 ngefon kaBae. Siqede sihambe bese syothenga ukudla shlale phans sidle sphinde sthathe iythombe uBae wavele waPosta same time kuWasupp😭😭😭💔💔 ngabona kahle ukuthi lenja iyangUser to pay a revenge kuMawengane.

Ngivele ngimkhuze athi yey ingane le ngeyakhe akekho ozomjaja ngayo sesibanga isthombe manje ukuthi why asifaka kuWhatsapp.. ngimyeke sidle sbuyele endlini.

😲😲😲kuthe uma sifika iloli ligcwele igceke uMakhosi nabangan bakhe bahlezi eFront basilindile🙆🙆🙆🙆😭

ngvele ngishaywe uvalo yemama labosisi bazongihlanganyela bonke vele😭😭ngavele ngehla emotweni ke manje ngaqonda ngqoo endlini enkulu . (ngasho ngenhliziyo ngithi loBaba namhlanje uzongazi ngamehlo )phela bengicasha njalo mangfikile..

uBaba kaNathi akhuze imihlola 😲😲😲

oSisi abangibonanga ukuthi ngehle ngashonaphi. Ngfike endlini ngixolise ngiyakhala manje ngithi "baba ngcela ungisize ngyabona yena uzitshela ukuthi ngibanjwa inkunzi kanti lutho.. ngimchazele istory.

Ngithe ngisachaza base bewubangile umsindo ngaphandle umawengane nabangani bakhe, yewena siphi lesfebe sakho? usifihlile siphi lesfebe ngizwe ingane isiyakhala mama mama mama🗣🗣🗣 ithukile ingane iyamangala kwenzekani ... bethi khipha lesfebe.

Ay aphume phandle uBaba kaNathi nemvuubu anyonyobe kahle wafike washaya kwasani wabavulela ngemvubu ngithe ngiyapopola ngibona uNathi ke yena uBusy noMowangane umshaya ngezimpama ngikhale ke manje ngikhalela ingane ebona imhlolo.

ngimemeze lokwengane okwalaykhaya ngikubize ngithi hamba uyothatha ingane laphana uze nayo lana. Aythathe ingane aybalekise eze nayo endlini..

uDaddy ebashaye bonke beze bephunyuke bebaleke kusale uMama wengane bese uDaddy eyakhuza ethi Nathi yeka lento awboni ukuthi ayphili ekhanda.. yabona lokuhamba nivuvuzela nihamba niqonywa izinhlanya.

Amyeke uNathi bese ethi uMakhosi ngicela ingane yami.. bese ngyaphuma endlini ngiphume nengane ethi wena sfebe eyami nawe ayikapheli mthakathi ndini zala eyakho ingane uhluklukane nengan yami ngathula ngangasho lutho, wahamba nengane yakhe ingane isiyakhala iyamangala kwenzakalani..

nami ke ngihambe ngiye endlini ngifike ngiPack ngithi ngeke ngzofela emzini wabantu ekhaya bengazi nokwazi phela ngasukele eskolweni. nasekhaya abazi nokuth ngikuphi.. ngipakishe ngithi ngiyahamba athi uNathi akukwazi ukuthi ngingahamba singakalungisi isimo esbhekene naso namike ubulima ngivume ngingahambi..

ebusuku ubuthongo abusafiki ngsaba ukuthi bazobuya futhi.

Kuse ekuseni uNathi avele amusendele imsg umawengane bahlukane, ebese eya kbaba wakhe bexoxe amuchazele ngami. Abuye kimi angitshele ukuth ngeviki elilandelayo bazocela ekhaya. Ayke ngihambe ngibuyele ekhaya.
laphoke seniyahamba vele angsayi eskolwen sengiya ekhaya straight.

UNathi engihambise kuthe masesizovela ngasekhaya ngimkhombise ke ekhaya. Ngeviki elilandelayo kufike abakhongi bezishaye ziphelele konke nezibizo.

Ngibhala lendaba nje ngilungisa amalungiselelo omshado wami wàsala impela umawengane, nengane ihlala kubo ka Nathi .Ngithi kini bantu besifazane indoda ayifuni ukulwiswa woyibuka nje ngoba mhlampe uyobe uyazonela, ukuthula akoni.

😲😲The end!!!😲😲

November Spercials is available at Gah saloon Watsapp 0606526833
13/11/2023

November Spercials is available at Gah saloon Watsapp 0606526833

We still on..🤞
23/10/2023

We still on..🤞

Nawu msebenzi wamii omuhlee
12/03/2023

Nawu msebenzi wamii omuhlee

Address

Ngase SimoSomhlaba Kwi Container EMaroon
Nongoma

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Gah's Saloon NND posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share