11/07/2024
Hlonipha umzali wakho
Masibathande abazali bethu
Besingobani thina salethwa
Kulelizwe silethwa yibona abazali bethu
Kungani sibaphula imimoya yabo ekubeni bona
Besithanda ngokweqiniso
Mtaka mama uthi uyazi ukuthi umzali wakho
Wakuthwala izinyanga eziyisishagalolunye
Wakuthwala usawumndlenzane usayihlule esiswini sakhe kuthini kuwe mtaka mame Uma
Usuphendulana naye nigejane ngamagama ahlaba umxhwele
Khumbula ukuthi kukhona izingane ezihlala emapayipini ngenxa yokuthi abazali bazo abakwazanga ukuzigcina ngenxa yesimo
Wena ke usano phahla lokukhosela ngaphansi kwesandla sikamzali wakho kungani singababongi ukuthi thina basigcina siyaphila
Hlonipha umzali wakho mtaka baba noma bengamusho ngenhlupheko eniphezu kwayo
Yazi ukuth uwena oyovusa lelo khaya usule umame wakho izinyembezi ngemfundo yakho emnene ungamuhlekanisi phela ngezwe khumbula mtaka mama ikusasa lethu lilele ezandleni zethu
Pho ke bengiwubami mina ongaphikisana nawe Uma ukwazi ukuphakamisela umtomdala isandla
Ngiyini mina ngokuzokukhumbuza ngenhlonipho yakho umdali wasipha imqondo engefani kwazi bani wena ophakamisa isandla mhlampe singakusola kanti aziphelele kahle noma kunjalo umzali uyena nkulunkulu wakho wasemhlabeni
Phela esikhathini samanje akusekho ukuth umzali wakho umuntu okuzalayo kuphela kepha nomakhelwane wakho uqobo yazi ukuth ungumzali kuwena manje ke singathini intsha yamanje atikugqiziqakala ukuhlonipha noma ubani kanti ke impilo lena umhlaba lona uyahlaba
Zicabange mtaka mama Uma uthatha isinyathelo
Wazi ukuthi uzogcinaphi naso liyasho nezwi lika nkulunkulu lithi hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni sibhubha kangaka nje siyintsha sigcine singalitholi ithuba lokuguga ingoba asibalalelanga abazali bethu besiyala besikhuza ngokomhlaba sikushaya indiva konke lokho
Mtakamama ngizokutshela namhlanje ukuthi impilo yethu ilele ezandleni zethu masingenzi okungalungile masihambe ngokuqonda senze ngendlela elotshwe umdali ku ncwadi engcwele ngiyema lapho
Lo ngu magambushe intokazi yase mtubatuba phansi kwa nkomo ayixoshwa angiyona imbongi kepha ngingumuntukazana nje ngyabonga
Pls followe my page I'm back on track love you my followers ❤️